Isiboshwa eseqe ejele sisolwa ngokuthumba, sidlwengule ujele

2016-03-10 17:03

Port Elizabeth – Ujele uthunjiwe wase eyadlwengulwa, kanti kusolwa owalahlwa yicala lokudlwengula ingane ngemuva kokweqa eSt Albans, ePort Elizabeth, ngalesi sigameko, kusho uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo e-Eastern Cape ngoLwesine.

Lo jele wesifazane, 52, ubengekho emsebenzini kanti uhlala emagcekeni ejele, kusho ukhomishana wamajele uMandla Jam.

OLUNYE UDABA: Ujele udubule intombi amahlandla amahlanu

USicelo Tshamlambo usolwa ngokuthumba, ukushaya nokudlwengula lo jele ngoMsombuluko.

Uboshwe ngabo lobo busuku kulandela ukuthi umphakathi ulume amaphoyisa indlebe.

Ubedonsa isigwebo sikadilikajele ngokudlwengula intombazane, 13, e-East London ngo-2007.

UTshamlambo uzothuthelwa eC-Max Prison, eKokstad.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...