Isibhedlela sicubungula kabusha inkontileka yenkampani yonogada kulandela umbhikisho

2017-11-27 16:00

Pretoria - Isibhedlela iSteve Biko Academic sicubungula kabusha inkontileka yenkampani yonogada kulandela umbhikisho wonogada.

Onogada benkampani iBorn to Protect babhikishe esibhedlela sasePitoli kusukela ngeSonto ebusuku, bavimba amasango ngamathayi avuthayo nocingo oluhlabayo.

Kukholakala ukuthi kabajabule ngokuholelwa sekudlule isikhathi kodwa abaphathi besibhedlela bathi bona bangakuqinisekisa ukuthi izimali zingena ngesikhathi esifanelekile futhi kuwumsebenzi wenkampani ukuholela abasebenzi bayo.

OLUNYE UDABA:Kuqhubeka umbhikisho esibhedlela ePitoli

Ibamba lesikhulu esiphezulu esibhedlela uMathabo Mathebula, uthe: "Kubeka ezokuphepha engozini ukuba nabantu abangajabulile ekufanele engabe bangonogada. Asifuni inkampani engeke ibanakekele abasebenzi bayo, bagcine sebedala izinkinga."

Omunye wababhikishi uthe kufanele engabe bahola njalo ngomhlaka-15 enyangeni, ngokusho kwenkontileka yabo, kodwa lokho kakwenzeki.

"Kufanele engabe sihola ngomhlaka-15 kodwa imali ize ingene sekudlule umhlaka-28 enyangeni. Uma sikhuluma ngezimali, basisabisa ngokusixosha noma basitshele ukuthi asesule emsebenzini."

Uthe abaphathi besibhedlela kubahlulile ukuphatha.

"Umphathi wethu uthi isibhedlela yiso esiyinkinga. Uma sikhuluma nabesibheldlela bathi kumele sibuze umphathi. Badlala inkombankombane."

Inyunyana yabasebenzi nabaphathi besibhedlela babambe umhlangano ukudingida izidingo zabasebenzi.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...