Ishwa owesilisa ebulawa ngaphambi kokucela umshado

2017-03-09 14:01

Cape Town - Owesilisa osemncane, obehlele ukucela umshado entombini yakhe ngoMgqibelo, utholwe eseyisidumbu emzini abeqashe kuwo, ababulali bamebela imoto yakhe yohlobo lwe-BMW.

U-Enrico Smith, 29, ubengungoti kweze-Information Technology ubesanda kuhlala kulo mqasho okuJacana Street, ePelican Park, ngeSonto.

NgoLwesithathu ekuseni, umastende kaSmith ubikelwe ngokutholakala kwesidumbu sikamufi siboshwe izandla ngaphakathi endlini.

OLUNYE UDABA: Kubulawe indoda eRandfontein kubanjwa inkunzi

Ngokusho kwabangani, uSmith uklinywe waze washona, kanti imoto yakhe yohlobo lwe-3 Series BMW ibingekho egcekeni.

USmith ungowasePort Elizabeth ngokuzalwa, kepha ubehlala eKapa.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uthe amaphoyisa abengakabophi muntu ngalesi sigameko.

"Ngokwemininingwane, kutholwe isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-29 emzini okuJacana Street, ePelican Park, eGrassy Park. Imoto yesisulu yebiwe. Imbangela yesigameko isaphenywa."

Bekungakaboshwa muntu, ephetha.

 - Daily Voice

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...