Ishonile ingane eyagwiliza ebhakedeni elaligcwele amanzi eKapa

2017-12-13 12:31

Cape Town - UDaniel noDebbie Weber babekhongozela amanzi emvula ngenxa yesimo sesomiso eWestern Cape, kodwa indgane yabo enezinyanga ezingu-20 izelwe igwilize kuwo la manzi abegcwele ebhakedeni.

UConnor Weber waseRonderbosch nodadewabo uGrace babeshiywe ezandleni zomzanyana ngesikhathi abazali besemzebenzini.

Umzanyana wabe esebona ukuthi uConnor akakho wabe esemqalaza. Wathola lo mfanyana ebhakedeni.

OLUNYE UDABA:Kusolwa isomiso ngophonseke emanzini

"Kukholakala ukuthi le ngane yawela phakathi ebhakedeni eligcwele amanzi. Iziphathimndla bezisendaweni yesigameko ziyhenya," kusho uRussel Meiring we-ER24.

Inhliziyo kaConnor ibsashaya waphuthunyiswa esibhedlela sezingane iRed Cross War Memorial kodwa ngeshwa kwamenela ngeSonto.


Kukhokala ukuthi leli bhakede belisetshenziselwa ukukhongozela amanzi emvula ngenxa yesimo sesomiso esiqhubeka Western Cape.

 - Cape Argus

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...