Ishonile ingane ekhalakathele emgodini wethoyilethi eKZN

2017-03-03 09:33

Durban – Isidumbu sengane yentombazane eneminyaka emithathu ubudala sikhishwe emgodini wethoyilethi ongamamitha angu-25 ukujula KwaDukuza, ngoLwesine ntambama, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-IPSS uPaul Herbst uthe ugogo wengane uhambise ingane endlini encane kodwa kwadingeka abuyele endlini ngokushesha, ingane wayishiya khona ethoyilethi.

Kuthe uma ebuya ingane ibingasabonwa, kusho uHerbst.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa akalande omklomelo wakhe owine iLotto

Uthe umgodi wendlu yangasese ubugcwele amanzi kanti abezicimamlilo KwaDukuza kudingeke benze imizamo yokuwakhipha kuqala ngemishini.

Isidumbu sengane eneminyaka emithathu ubudala sitholakale phakathi ngemuva kokuba amanzi esekhishiwe, kuqhuba uHerbst.

Kuvulwe idokodo ukuze kuqaliswe uphenyo.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...