Ishonile ingane edutshulwe ifaniswa nenkawu

2017-03-06 16:03

Durban - Ushonile umfana oneminyaka engu-12 ubudala odutshulwe ngowesilisa obecabanga ukuthi udubula inkawu kulesi sigameko esenzeke eBraemer, eningizimu yesifundazwe.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-South Coast Herald lo mfana ubegibele esihlahleni ekha izithelo ngesikhathi ehlaselwa.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe owesimame onqabe ngesikhiye semoto esigamekweni sokuphanga

Okhulumela amaphoyisa aseSchottburgh uCaptain Vincent Pandarum uthe: “Owesilisa oneminyaka engu-87 ubudala uthe ubecabanga ukuthi udubula inkawu ngesikhathi ethatha isibhamu sakhe esisemthethweni edubula.”

UBongumusa Duma udubuleke ekhanda nangenhla komzimba, kanti ushonele khona lapho endaweni yesigameko.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...