Ishonile indoda ezame ukugwaza umkayo ngemfoloko

2018-01-02 15:59

Johannesburg - Ishonile indoda ezame ukugwaza umkayo ngemfoloko ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kwabo, ngesikhathi unkosikazi eziphindiselela ngommese.

Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uSergeant Kelebogile Moleko uthe kuxabane izithandani ngesikhathi ziphuza utshwala-obhiya emjondolo yaseSyfersdelt eBoons ngempelasonto.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umyeni ngetulo lokudivosa unkosikazi ebambisene nomakhwapheni

"Kusolwa ukuthi umyeni wazama ukygwaza umkakhe ngemfoloko, kodwa unkosikazi wahosha ummese wagwaza ngawo umyeni esifubeni," kusho usayitsheni esitatimendeni.

"Amaphoyisa eBoons abizelwe endaweni yesigameko afica isisulu sidindilize ophansi edamini legazi."

Kulindeleke ukuba unkosikazi wesisulu oneminyaka engu-38 ubudala avele eNkantolo yeMantshi yaseKoster ngoLwesibili ngezinsolo zokubulla umyeni, 45, wakhe.


 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...