ISEXWAYISO: Kulindeleke izikhukhula nokuduma kwezulu e-KZN

2017-11-10 12:24

Cape Town - I-SA Weather Service (SAWS) isikhiphe isexwayiso semvula enkulu kanye nokuduma kwezulu ezingxenyeni zesifundazwe iKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ntambama.

Lezi zimvula ezilindelekile zingase ziholele ekutheni kube nezikhukhula ogwini kanye nezindawo ezimaphakathi nalo ntambama.

Kulezi zindawo kubalwa uGu, eThekwini, iLembe, KingChetswayo kanye noMkhanyakhude.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kuvalwe amabhishi kuhlasela amagagasi amakhulu eThekwini

I-SAWS iphinde yaxwayisa ngokuduma kwezulu okunamandla okungase kuhambisane nesichotho kanye nomoya ovunguza ngamandla enyakatho-ntshonalanga ye-KZN.

Kulokhu kubalwa uThukela, Amajuba, Zululand noMzinyathi.

I-SAWS inxusa abantu ukuba babe ngaphakathi ezindlini uma izulu seliqala ukuduma, bagweme ukuthinta izinto ezakhiwe ngensimbi nokudlala ngaphandle.

"Uma selina kakhulu, niyanxuswa ukuba nihlale ngaphakathi ezindlini futhi nigweme ukuwela imifula uma amanzi engaphezu kwamaqakala. Ningashayeli emigwaqeni embozwe amanzi," kusho isitatimende.

- Traveller24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...