Isesimeni esikahle ingane, 6, eyadubuleka kuqhubeka olwezigelekeqe

2017-11-30 10:59

Cape Town - Indawo yaseLavendr Hill eKapa isineminyaka iyindawo yamaqembu ezigebengu kanti iziphathimandla ziyahluleka emizamweni yazo yokuyikhuculula.

Ekuqaleni kwesonto abantu abane, okubalwa nezingane ezimbili, badutshulwa balimala kuyo le ndawo.

Isakhamuzi sakule ndawo sithe ushayasibhamu wavulela ngenganono nakuba kwakunezingane ezazidlala emgwaqeni.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe ingane, izigebengu ziqukula imoto zizama ukuyeba

Uthe wasiza ingane yentombazane eneminyaka engu-6 ubudala eyayilimele ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko.

"Ngavele ngayibamba. Umalume wayo naye wayezama ukuyisiza ngesikhathi mina sengifikile kuyo. Wakhumula isikibha sakhe efuna ukubopha ingane emlenzeni lapho eyayilimele khona. Wayifaka evenini wayiphuthumisa esibhedlela."

Le ntombazane isesimeni esikahle, kuqhuba lo mbiko.

Umfana namadoda amabili nabo basesibhedlela.

 - EWN


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...