Isesibhedlela ingane ewele emanzini abilayo

2017-03-03 18:01

Durban - Ithole amanxeba okusha ingane ngemuva kokuwela emanzini abilayo endaweni yaseCato Ridge, ngaphandle kweTheku, ngoLwesihlanu ekuseni, kusho abosizo lokuqala.

Abebilisiwe amanzi okuwele kuwo ingane enezinyanga ezingu-13 izelwe, kusho uChris Botha okhulumela iNetcare 911.

OLUNYE UDABA: Kulimale abahlanu kuphuthunyiswa eshiswe amanzi abilayo esibhedlela

Bekungakacaci ukuthi kwenzakaleni. AbeNetcare 911 balekelele abe-ambulensi ukuxilonga le ngane endaweni yesigameko.

Le ngane ebilimele kakhulu iphuthunyiswe esibhedlela esiseMgungundlovu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...