Isesibhedlela ingane, 4, ewele emanzini abilayo

2018-04-17 12:34

Pretoria - Isesimeni esibucayi esibhedlela ingane yomfana eneminyaka engu-4 ubudala yasemjondolo yasePlastic View eMoreleta Park.

Le ngane ilashelwa amanxeba okusha ezinqeni nasemlenzeni kulandela ukuwela endishini enamanzi abilayo ngoMsombuluko.

Abosizo lokuqala, i-ER24 babikelwe ngesigameko ngemuva kokuba lo mama ephuthumise ingane uyakhe esontweni eliseduze eyobikela onogada abebesendaweni.

OLUNYE UDABA:Ibangwa nezibi ingane ewelwe yibhodwe elinamanzi abilayo

"Abosizo lokuqala balaphe lomfanyana bamunika nemishanguzo yezenhlungu ngaphambi kokumphuthumisa esibhedlela iSteve Biko eyoqhubeka nokwelashwa," kusho uRussel Meiring.

Kubikelwe neziphathimandla zendawo ngesigameko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...