Isenkantolo indoda 'eyadlwengula' amantombazane amancane

2017-10-05 09:02

Port Elizabeth - Indoda ebhekene necala lokuthumba, ukudlwengula nokushaya amantombazane amabili eneminyaka engu-5 neneminyaka engu-6 ubudala, ilindeleke ukuba ivele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton namuhla (ngoLwesine).

Ngenyanga edlule, abazali bala mantombazane, angahlobene, babika ngokuduka kwazo kulandela ukungabuyi ekhaya. Agcina ukubonakala edlala ngaphandle emjondolo yaseChris Hani.

Amaphoyisa ase-Eastern Cape alusukumela udaba, afuna lezi zingane, ngenhlanhla athola eyodwa eneminyaka engu-6 ubudala eChevrolet Stadium.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owesilisa ngokuthumba izingane ezimbili

Ngaleso sikhathi, okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe le ntombazane yayilimele kanzima, inamanxeba okugwazwa ekhanda nasemzimbeni. Yaphuthunyiswa esibhedlela iDora Nginza.

Le ntombazane yabe isinika amaphoyisa ngemininingwane eyawaholela emjondolo oseChris Hani, alpho okwatholakala khona enye intombazane, 5, nendoda, 49.

Imiphumela yokuhlolwa kwalezi zingane yiyo eyaveza ukuthi zadlwengulwa, kusho amaphoyisa.

Le ndoda ibhekene necala lokuthumba, ukuzama ukubulala nokudlwengula.


African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...