ISecret of Success igubha inyanga yabesifazane

2017-07-31 18:00

Durban - Usaziwayo ongusomabhizinisi, uPhumlani Dube, wePhumlani Dube Foundation esebenzisana nomunye usomabhizinisi ohlonishwayo, uSandile Zungu, we-The Zunguness okuyindawo okubanjelwa kuyo izingqungquthela nemishado ephambili maphakathi neKwaZulu-Natal, bakwethulela iSecret of Success ukugubha inyanga yabantu besifazane.

Lo mcimbi uzobanjwa ngoMgqibelo wangomhlaka-26 Agasti khona eThe Zunguness kanti uzoqala ngezithuba zabo-12:00.

ISecret of Success, osekungeyesithathu, ihlose ukwakha nokuqgugquzela labo abanezifiso zokuphumelela nokulandela amaphupho abo ihlelwe yiPhumlani Dube Foundation.

OLUNYE UDABA:Isimemo: Nanku owokuhanjelwa abomele impumelelo

Izikhulumi okuyizo ezizobe zidlulisa amazwi akhayo kubalwa kuzo usomabhizinisi odumile eNingizimu Afrika uMargaret Hirsch, unkosikazi kaNgqongqoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba, uNorma Gigaba naye ongusomabhizinisi kanye noDkt Musawenkosi Saurombe.

Ukuba yingxenye yalo mcimbi kubiza u-R400 umuntu ngamunye kanti uma uthenga amathikithi amahlanu uthola elilodwa mahhala. Uma uthenge ayishumi uthola amane mahhala.


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...