ISAZISO SOKUVALWA KWEZINDABA24

2018-05-10 20:07

Sanibonani bafundi

Lesi yisaziso esisemthethweni sokubeka abafundi esithombeni ngesinqumo esithathwe yinkampani iMedia24, sokuvala Izindaba24.

Usuku lokugcina lokushicilela izindaba lukusasa, mhlaka-11 Meyi 2018.

Sithanda ukunibonga kakhulu ngokuseseka kwenu kule minyaka kusukela leli khasi lezindaba lasungulwa. Sizonikhumbula kakhulu; sikhalile nani, sahleka nani, saduduzana, sanikezana ithemba nakho konke okunye okuyimizwa efica umuntu ezinsukwini zakhe esemhlabeni.

Ziningi izigigaba ezehlile sindawonye futhi bese sibumbe nobudlelwano obuhle, sesifana nomndeni, kubi-ke ukuhlukana ngale ndlela kepha sikusho lokhu ngethemba lokuthi ngelinye ilanga siyohlangana ezinkalweni zezwe.

Kube mnandi, futhi kasisoli lutho. Ibhizinisi linjalo nje, liyibhizinisi.

Sibambisane kahle kakhulu nani kusukela ngo-2011, sithi nje ukuhlehla kwenqaba kakusikho ukubaleka, kepha kuwuthatha amandla.

Ithimba leZindaba24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...