Isaqhubeka inkonzo yesikhumbuzo kaRobbie Malinga

2017-12-29 13:14

Johannesburg - Inkonzo yenkakha yomculo eNingizimu Africa uRobbie Malinga iyaqhubeka esontweni iGrace Bible namuhla (ngoLwesihlanu).

Lesi sihlabani seculo elithi Baby Plwase nelithi Sobabili sidlule emhlabeni ngoKhisimusi ngemuva kokulwisana nesifo somdlavuza, ephuma engena esibhedlela ngenxa yaso.

Le nkonzo ilokhu iqale kusukela ngezithuba zabo-12:00 namuhla kanti kugcwele abanye abaculi, izihlobo nabangani. 

Kulindeleke ukuba kunandise abaculi okubalwa kubo uZahara, uKelly Khumalo, uMusa, uNtando noNaime Kay kanjalo ne-Orlando Pirates Choir.

UChicco Thwala noLindelani Mkhize bangabanye abalindeleke ukuba badlulise amazwi ambalwa ngalesi sihlabani esesilele.

 - Twitter:

 - eNCA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...