ISantaco eKZN ixwayisa ngokungenela esinye isiteleka

2017-06-20 16:01

Durban - ISouth African National Taxi Council (SANTACO) KwaZulu-Natal ixwayisa ngokungenela isiteleka sangomhlaka-12 Julayi uma izimfuno zayo zingabhekisiswa.

Le nhlangano ifuna uhulumeni axhase le mboni njengoba ithi iyona mboni enkulu yezokuthutha umphakathi ezweni.

Izinkulungwane zabagibeli eGauteng zasala dengwane kanti abashayeli bezimoto ezincane bona abakwazanga ukufinyelela ezindaweni ababephokophele kuzo ngesikhathi osomatekisi bevale imigwaqo emikhulu eGoli namaphethelo ngesonto eledlule.

Lokhu kulandela isiteleka esifanayo esenzeka KwaZulu-Natal ngoMeyi.

OLUNYE UDABA: ISantaco isimemezele isiteleka samatekisi e-KZN

UBoy Zondi oyisikhulumi sale nhlangano e-KZN, uthe bazimisele ngokungazidumisi izimoto zabo njengoba kwenzeka ekuqaleni kwenyanga.

"Sizimisele ngokumisa konke eNingizimu Afrika. Izingxoxo ziyaqhubeka neSantaco. Sifuna zonke izifundazwe zisingenele lelsi siteleka," usho njalo.

Osomatekisi bangenela isiteleka eThekwini bemelene namanani okudayiswa kwamatekisi ohlobo lwe-Toyota Quantum - okwaholela ekutheni kube nesiminyaminya emgwaqeni kwaze kwaphazamiseka nokuhamba kwabosizo lokuqala.

 - Newswatch

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...