Isangoma sase-KZN sisolwa ngokudlwengula

2017-12-18 17:59

Durban - Owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala uvulele isangoma saseNgwavuma amacala amabili; okungelokudlwemngula nelokuphanga, kubika iZululand Observer.

Icala lavulwa emaphoyiseni aseMpangeni ngesonto eledlule, idokodo lona ladluliselwa eNgwavuma ukuze kuzophenywa.

Lo wesifazane waseMgungundlovu utshele abephephandaba iZululand Observer ukuthi yena nabangani bakhe babeye eNgwavuma beyobona isangoma ngemuva kokusizwa sikhuluma emsakazweni uKhozi FM.

"Ngesikhathi sifika lapha esangomeni, ngasitshela ukuthi ngingusomabhizinisi ngifuna ukukhulisa ibhizinisi lami.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kube muncu isangoma silala nentombi ecushiwe

"Sathi sizongisiza, kodwa safuna imali engu-R15 800 esasingenawo. Sathi sifuna ukwazi ukuthi ubani umnikazi wemoto yohlobo lwe-Mercedes-Benz esasihamba ngayo.

"Ngasho ukuthi imoto ngeyami. Sabe sesithi sizosisiza uma singase sibambise ngemoto size sikwazi ukuthola amandla okusikhokhela.

"Sabe sesingibizela egumbini saqala sangibuza imibuzo ngomndeni wami.

"Ngasitshela ukuthi ngiyintandane futhi nesoka kanginalo, lashona. Sangilutha ngenhlso yokungidlwengula sathi angilethe izincwadi zemoto yami.

"Sathi sizonginika umuthi okufanele ngiwugcobe esithweni sami sangasese naso sizokwenza njalo.

"Sathi lokhu kuzosiza ukuxosha umoya yesoka lami elingasekho. Sathi angiye kwelinye igumbi lapho esangidlwengulela khona izinsuku ezintathu ngaphandle kokusebenzisa ikhondomu.

"Ngifuna le ndoda iboshiwe. Yangidlwengula yaphinde yathatha nemoto yami," kusho lo wesifazane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natala uThulani Zwane uqinisekise ukuphenywa kwecala lokudlwengula.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...