ISaftu izongenela ukhukhulelangoqo wesiteleka kuleli sonto

2018-04-23 12:32

Johannesburg - ISouth African Federation of Trade Unions (Saftu) izongenela ukhukhulela ngoqo wesiteleka ngoLwesithathu ngenhloso yokuphikisana nesiphakamiso sokuba amaholo abasebenzi angaqali ngaphansi kuka-R20 ngehora.

ISaftu ithi ukungenyuswa kwamaholo ezikhulu yikhona okungavala igebe lamaholo.

“Asikhulume ngokuvalwa kokwenyuswa kwamaholo ezikhulu, zithola imali enkulu kakhulu,” kusho uNobhala Jikelele weSaftu uZwelinzima Vavi.

OLUNYE UDABA: Uphoqiwe ukuba esule emsibenzini 'ozoshada' noZuma

Uthi kuleli kunomuntu oholelwa imali engu-R152 million ngonyaka.

Uphinde wathi iNingizimu Afrika ungathi ingamazwe amabili iyodwa ngendlela igebe lamaholo elikhulu ngakho phakathi kwabasebenzi nezikhulu.

“Elinye izwe ngelongxiwankulu abamhlohe kanti elinye ngelalabo ababecindezelwe kodwa namanje abasaxhashazwa ngisho nangesikhathi sentando yabantu. Kuzomele kube nezwe elilodwa,” kuqhuba uVavi.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...