Isabisa izingane 'inyoka' esemathoyilethi esikoleni

2017-05-30 18:00

Johannesburg - Abafundi besikole samabanga aphansi esiseKrugersdorp, eGauteng, iThuthuzekani bathi abaphephile, kanti futhi bayesaba ukuya emathoyilethi asesikoleni.

La bafundi bathi kunenyoka emathoyilethi esikoleni ngenxa yalokho sebezikhulula emahlathini.

Abazali bala bafundi bathi sebebizelwe esikoleni kaningi ukuze bayolanda izingane zabo.

OLUNYE UDABA: 'Ibulawe yimimoya emibi intombazane'

Kuzwakale ukuthi, izingane ziyaquleka futhi ziphathwa nayisiyezi. USibusiso Mavuso, 42, uthe usabela impilo yendodakazi yakhe.

"Kuhlasela uSathane, izingane zethu azisaphephile nhlobo kulesi sikole."

Omunye umfundi, uMoloko Matladi, 46, uthe impilo yendodakazi yakhe isishintshile selokhu yabona inyoka.

"Indodakazi yami ayisafuni nhlobo ukuya esikoleni, ithi iyasaba."

U-Oupa Bodiba, okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uthe bayazi ngodaba oluqhubeka esikoleni.

"Ezikoleni lapho okusolakala khona imimoya emibi noma osekunemimoya emibi kuzo, umnyango umema abathandazi ukuba bazolwisana nodaba."

  - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...