Isabelo sezimali bekuyimbudane yodwa - ANCYL

2017-02-26 16:49

Durban - Umholi wophiko lwentsha lwe-ANC uCollen Maine uthe inkulumo kaNgqongqoshe wezezimali uPravin Gordhan bekuyimbudane yodwa.

"LoNgqongqoshe usibonisile ukuthi akahambisani nemigomo kaKhongolose,” kusho uMaine.

UMaine uthi inkulumo kaGordhan ayiyishintshi impilo yabantu abansundu, ukube uyabacabangela abantu abadla imbuya ngothi ubezonyusa intela yamabhizinisi, wona lamabhizinisi aphethwe abantu abamhlophe abangawenzi ngisho no-30% wabantu bakuleli.

UMaine uthe ngeke bahlehlele emuva ngomkhankaso wabo wokuthi akakhishwe kulesi sikhundla uPravin.

OLUNYE UDABA: Izwe lidinga amabhange okungawabantu abamnyama - Dalmini-Zuma

"Lo Ngqongoshe waba umuntu wokuqala ukuthi akungagxekwa amabhangi kulandela izinsolo zokukhwabanisa, kanti yena umi ngakuphi? Akasebenzeli inhlangano (ANC) esebenzela ukufukula abantu abansundu, noma mhlawumbe umi nondlebe zikhanya ilanga?

“Ukuthathaphi ukuthi singawagxeki amabhange kube kusobala ukuthi acindezele izwe?”

UMaine uthe ukungathembakali kwalo Ngqongqoshe kucacile futhi ayisekho into ayihlalele kuleli hhovisi lezimali.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...