Iqulu labantu libulale indoda ebulale enye ngesihluku

2017-10-07 13:00

Polokwane – Ishonile indoda ebulale enye ngesihluku eMokgoba eduzane naseModjadjiskloo, eLimpopo ngoLwesihlanu ntambama kulandela ukushaywa kanzima.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe, uthe kuzwakale ukuthi la madoda womabili abenengxabano eholele ekutheni aze abulalane.

UNgoepe uthe eyodwa yala madoda, 27, edabuka eZimbabwe, ibalekele emjondolo wayo, kodwa yalandelwa enye indoda.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe isikole iqulu lamadoda lizohlasela uthisha oshaye umfundi

Uthe umsolwa ube eseyingenela emjondolo wayo "wayishumpula yaze yashona", ngesikhathi esibukhali.

UNgoepe uthe umsolwa ube esebaleka endaweni yesigameko, wabuyela endlini yakhe.

Ngemuva kwesigameko, umphakathi ube usuhlangana ndawonye, waya emzini womsolwa, lapho ofike khona wamhlasela waze washona.

UNgoepe uthe njengamanje imbangela yesigameko ayikaziwa. Wathi akukaboshwa muntu kulandela ukuhlaselwa komsolwa.

UNgoepe unxusa noma ngubani ongase abe nolwazi ngezigameko ukuba abikele amaphoyisa aseduze noma ashayele ku-08600 10111 okanye athumele umqhafazo ku-32211.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...