Iphuthunyiswe esibhedlela ingane etholakale ethoyilethi lomgodi

2017-05-25 07:01

Johannesburg - Zisashaqekile izakhamuzi zaseNgqeleni ngemuva kokutholakala kwengane ilahlwe ethoyilethi lomgodi ngoLwesibili ntambama.

Kubikwa ukuthi isigameko senzeke eMdumazulu village eMampondomiseni, eNgqeleni, e-Eastern Cape.

Isakhamuzi sendawo uXolile Mgwebi sishayele abezindaba iDaily Dispatch sathi kuthololakale ingane ngemuva kokuba intombazane esencane yaseMduent iye ethoyilethi.

"Izwe kukhala ingane yabe isibiza abantu abadala basendaweni. Bakwazile ukutakula ingane ethoyilethi."

OLUNYE UDABA: Kutholwe ingane isishonile emgqomeni

UMgwebi utshele iphephandaba ukuthi amaphoyisa afike ngemuva kokubikelwa ngodaba, ingane yaphuthunyiswa esibhedlela nge-ambulensi.

Uthe owesifaszane olahle ingane unezingane ezimbili vele kanti ngesikhathi ephoswa imibuzo yizakhamuzi, lo wesifazane okuthiwa uneminyaka enbalelwa kwengu-20 ubudala, kusolakala ukuthi ubatshele ukuthi akasebenzi okusho uktuhi akanayo imali yokukhulisa enye ingane.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Dineo Koena akakwazanga ukuqinisekisa isigameko nokuthi lo wesifazane uboshiwe yini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                    

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...