Iphume nemiphefumulo ingozi yekhumbi nemoto

2017-07-30 13:00

Johannesburg - Amaphoyisa aphenya imbangela yengozi eyenzeke phakathi kwetekisi nemoto eTubatse ngaphandle kwaseBurgersfort eLimpopo.

Kushone abantu abahlanu kule ngozi eyenzeke ngoMgqibelo. 

Okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe uthe bonke abashonile bebesemotweni encane kuthi abebesetekisini bona bathola ukulimala.

OLUNYE UDABA: Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu

" Amaphoyisa aseTubatse ngaphandle kwaseBurgersfort baphenya ngokushona kwabantu abahlanu engozini eyenzeke kuPentshe Road, lapho okushayisane khona ikhumbi nemoto yohlobo lweSuzuki, kwashona abagibeli beSuzuki kwalimala bonke abagibeli betekii.

"Okwamanje imbangela yengozi ayikaziwa kodwa uphenyo lusaqhubeka."

 - SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...