Iphoyisa lizidubule nentombi yalo nayo eyiphoyisa eThekwini

2017-08-29 18:00

Durban – Iphoyisa ebelingasebenzi lidubule labulla intombi yalo eneminyaka engu-25 ubudala, nayo eyiphoyisa, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

Iphoyisa elineminyaka engu-24 ubudala elisebenzela esiteshini samaphoyisa esiKwaMashu lidubule intombi yalo ebisebenzela esiteshini samaphoyisa KwaDabeka.

OLUNYE UDABA:Owesilisa udubule intombi eshadile ngemuva kokwaliwa

Kuthiwa leli phoyisa libe selibhekisa umbhobho wesibhamu ngakulo lazidubula ngemuva kokudubula intombi, kusho okhulumela amaphoyisa esifundazwe uCaptain Nqobile Gwala.

Uthe isigameko senzeke ngezithuba zabo-09:20, kanti sekuvulwe idokodo.

"Imbangela yesigameko isaphenywa," kusho uGwala.

Umbiko we-Eyethu News uveze ukuthi kuthiwa kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu amahlandla ambalwa ehhovisi lapho bekuvalelene khona lezi zithandani okuthe uma efika amanye amaphoyisa azifica sezishonile endaweni yesigameko.

Leli phephandaba lihlonze lezi zithandani njengoThamsanqa Msilinga noNontuthuko Mthembu.

Kusolwa ingxwabano nesikhwele njengoba kuthiwa lo wesifazane ubesemalile uMsilinga, wabe eseyacasuka wamdubula.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...