Iphoyisa lizibulele ngemuva kokubulala unkosikazi

2017-12-02 09:45

Bloemfontein – Amaphoyisa aseFree State asenxuswe ukuba acele usizo kwabeluleka ngokwengqondo, emasontweni nakubazali uma ebhekene nezinselelo emshadweni, emsebenzini noma empilweni yawo.

Lokhu kungemuva kokuba iphoyisa elineminyaka engu-36 ubudala lidibule labulala umkalo oneminyaka engu-30 ubudala, ngaphambi kokuba nalo lizibulale ngesibhamu somsebenzi kwa-F, eBotshabelo ngoLwesihlanu ekuseni.

UColonel Thandi Mbambo uthe udadewabo wephoyisa uvuke wathola umyalezo osolisayo ophuma kumfowabo. Ube eseya endlini eyobheka, wahlangabezana nezidumbu.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesilisa endaweni yokusoka

"Kuthe efika endlini ekwa-F eBotshabelo, wathola isidumbu somfowabo nesomkakhe ekamelweni, wabe esebikela amaphoyisa,” kusho uMbambo.

Amaphoyisa athole ukuthi umkosikazi ubenamanxeba amathathu okudutshulwa – amabili esifubeni nelolodwa ekhanda, kusho uMbambo.

Iphoyisa belinenxeba elilodwa ekhanda.

Imbangela yesigameko ibingakaziwa kodwa kuyaphenywa. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...