Iphoyisa lisolwa ngokubulala umkalo ‘nomakhwapheni’

2016-12-03 13:29

Johannesburg – Iphoyisa alisebenzela eSkukuza, eKruger National Park, lidubule owesilisa ebelimsola ngokujola nomkalo, lase libulala nonkosikazi walo ngemuva kwalokho.

Kuthiwa leli phoyisa lifike lapho kusebenzela khona “isoka” likankosikazi walo, lalidubula amahlandla amahlanu emzimbeni lashonela endaweni yesigameko, kubika iLowvelder.

Libe selidlulela phambili laya emzini walo lafike laquthuza ngenhlamvu unkosikazi ngaphambi kokushaya imoto yalo yazula.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele oqobe umkakhe ngoba ejola

Libe selibuya ngokuhamba kwesikhathi lazivalela emzini walo, kwaze kwafika amaphoyisa alibopha, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Leon Davel.

Leli phoyisa libe selibekwa amacala amabili okubulala.

Kunezinsolo ezithi leli phoyisa lidubule laba ngemuva kokuzwa ukuthi bayajola.

Amaphoyisa aseSkukuza ayaphenya ngalesi sigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...