Iphoyisa lidubule ngephutha uzakwabo besemsebenzini

2017-11-29 16:01

Ohio - Amaphoyisa asekhiphe umbiko kulandela ukuthi iphoyisa lase-Ohio lidubule ngephutha uzakwabo ngesikhathi bezama ukubopha umsolwa.

Leli phoyisa elidubulekile lingeniswe esibhedlela, kanti isimo asisibi kakhulu njengoba kulindeleke ukuba lilulame ngokushesha. Umbiko weDayton Daily News uveza ukuthi la maphoyisa abizelwe emzini othile oseRiverside lapho bekuqhubeka khona udlame lwasekhaya.

Amaphoyisa athi owesilisa okukholakala ukuthi nguye osuse uthuthuva, ube esedaza inkani engafuni ukuboshwa.

Elinye lala maphoyisa libe selikhipha i-stun gun lazama ukuyisebenzisa kule ndoda, kanti kuzogaxela leli elinye iphoyisa.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa kuthiwa libulale owesifazane ngephutha

Ikhamera itshengisa leli phoyisa elishayekile liwela phansi ngemuva kwalesi sigameko.

Umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala ubekwe icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukwenqaba ukukhipha imininingwane yakhe kanjalo nokwenqaba ukuboshwa.

Umsolwa kuvela ukuthi uwaphikile wonke amacala abekwe wona ngesikhathi evele enkantolo ngoMsombuluko.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...