Iphoyisa lidubule labulula unkosikazi nendodakazi

2017-08-31 18:00

Cape Town – Iphoyisa elineminyaka engu-48 ubudala lidubule labulala unkosikazi walo oneminyaka engu-38 ubudala nendodakazi eneminyaka engu-20 ubudala ePhoenix, eMilnerton ngoLwesine ekuseni, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

Leli phoyisa elisebenzela esiteshini samaphoyisa aseMilnerton, libe selizidubula nalo, kodwa lasinda.

"Liphuthunyiswe esibhedlela," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain FC Van Wyk.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa libulale umyeni walo

Imbangela yesigameko sokudubula esenzeke ngezithuba zabo-03:00 kuyaphenywa ngayo, kusho uVan Wyk.

"Kuvulwe amacala amabili okubulala ukuze kuzophenywa" usho njalo.

UVan Wyk uthe i-IPID nayo izophenya ngalolu daba.

UMoses Dlamini, okhulumela i-IPID, uthe ubingakafiki ezindlebeni zakhe eyalolu daba.

"Ngisazozwa kahle, ngicela nibuyele kimi ngemuva kwehora."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...