Iphoyisa 'lidubule labulala' izintombi ezaliqola ngemuva kokujuxuza

2017-02-08 08:50

kwaMhlanga - Kwakumnandi kudeliwe ethaveni iphoyisa, 32, lihleli nezintombi ezine lithenga lithengile utshwala.

Leli phoyisa lalihleli nezelamani ezintathu kanye nomngani wazo oyedwa kuphuzwa futhi kujatshulwe, kulesi sigameko esenzeka KwaMhlanga, eMpumalanga.

Ngakuhamba kwesikhathi la mantombazane abona ukuthi leli phoyisa seliphuze ngokweqile aligebenga umakhalekhukhwini kanye nemali alishiya lingenalutho.

NgoMgqibelo kuthiwa leli phoyisa labuya lizocinga laba besimame lifuna izimpendulo ngalokhu okwenzeka.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa libulale abasolwa abathathu lalimaza ababili lase lizidubula lona

Owazibonela ngawakhe utshele iDaily Sun ukuthi leli phoyisa lalifuna ukubuyiselwa izinto zalo nokuyilapho okwaqala khona ingxabano.

"Leli phoyisa lahamba lazishiya ethaveni izintombi, kodwa labuya ebusuku selihlomile. Lafike lazidubula bonke kwashona uGugu Mkhatshwa, 28, nabangani bakhe uDeliwe, 28, kanye noZanele Nkwanyane, 24, kwalimala kabi omunye udadewabo ngaphambi kokuthi lizidubule nalo," kusho ozibonele ngawakhe.

Umama walezi zelamani uthi wayevakashele isihlobo ngesikhathi ethola ucingo oluvela kumakhelwane emtshela ukuthi akaphuthume ekhaya ngoba amadodakazi akhe asedutshuliwe.

UBrigadier Leonard Hlathi okhulumela amaphoyisa uthe imibiko abayitholile ithi leli phoyisa belisola laba besimame ngokuligebenga.

“Kuthiwa abasolwa laba bake bagebenga leli phoyisa endaweni yokungcebeleka. Kushone abathathu kwalimala oyedwa. Lithe liqeda lase lizidubula nalo leli phoyisa.”


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...