Iphoyisa 'lidayisele "umeshente" isibhamu somsebenzi'

2016-06-28 19:03

Johannesburg - Kuqhubeka uphenyo kulandela izinsolo zokuthi iphoyisa elisebenza esiteshini samaphoyisa aseSophiatown eGoli lidayisele umeshente isibhamu somsebenzi.

Leli phoyisa liphinde libhekane nezinye izinsolo ezibucayi ezihlukene kubalwa nokudayisa izidakamizwa. Kuphinde kuthiwe le ndoda iziphathe kabi phambi kwemadodakazi ayo amabili ngokuhamba nqunu phambi kwawo yangena ethoyilethi ngesikhathi zigeza izingane zakhe, kubika iRoodepoort Record.

OLUNYE UDABA: Ukushaqeka efica umyeni eshonile esiteshini samaphoyisa

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uLieutenant Colonel Dlamini uthe: "Ihhovisi belingakazi ukuthi isibhamu sadayiswa nini kodwa amaphoyisa aseSophiatown asexhumane neziphathimandla ezinkulu ukuba zizibhekisise lezi zinsolo. Nakuba kunjalo uphenyo luyaqhubeka.

Leli phoyisa lisaya emsebenzini, kubika iThe Citizen.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...