Iphoyisa libulale oyedwa, lalimaza abane, lase liyazibulala

2017-11-20 07:02

Johannesburg – Iphoyisa laseLimpopo lidubule labulala ubaba wentombi yalo, lalimaza intombi kanye namalungu amathathu omndeni wayo ngaphambi kokuba libhekise umbhobho wesibhamu ngakulona.

Leli phoyisa elineminyaka engu-37 ubudala litholakale lishonile kukhona isibhamu eduzane nesidumbu salo ngoMgqibelo ebusuku eRitavi, ngaphandle kwaseTzaneen.

Amaphoyisa athi laba abasindile kulesi sigameko babangwa nezibi esibhedlela sendawo.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa 'libulale' umkalo nezingane zabo ezimbili

Lesi sigameko sichazwe njengodlame lwasekhaya.

Okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe uthe: "Umbutho iSouth African Police Service esifundazweni uyazigxeka izigameko zokubulala akukhathaleki zithini izizathu.

“Imvamisa yazo kuyenzeka ukuthi zisuke ziphathelene nodlame lwasekhaya, utshwala kanye nezinye izidakamizwa. Siyaqhubeka nophenyo lwethu kulandela ukwenzeka kwalesi sigameko.”

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...