Iphoyisa libulale abasolwa abathathu lalimaza ababili lase lizidubula lona

2017-02-07 10:01

Mpumalanga -  Kushaqeke umphakathi iphoyisa laseMpumalanga liqotha abasolwa ngenhlamvu ngeSonto ekuseni, kubika iSowetan.

Leli phoyisa lidubule labulala abasolwa abathathu, lalimaza kabi ababili libasola ngokuthi bamgebenga ngaphambilini.

Lithe lisuka lapho lazidubula lona leli phoyisa. Imibiko iveza ukuthi belisebenzela esiteshini iVosman eKwaggafontein.

UBrigadier Leonard Hlathi okhulumela amaphoyisa uthe imibiko abayitholile ithi leli phoyisa belisola laba abahlangu ngokumgebenga.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa lidubule intombi nozakwabo lase lizigqokloza ngenhlamvu

“Kuthiwa abasolwa laba bake bagebenga leli phoyisa ngaphambilini yingokho ebahlasele bonke bebahlanu. Kushone abathathu kwalimala ababili. Lithe liqeda lase lizidubula lona leli phoyisa.”

UHlathi uthe basigxeka kakhulu lesi senzo wagcizelela nokuthi akuvumelekile ukuthi amaphoyisa asebenzise izibhamu zomsebenzi ukulwa izimpi zawo.

"Amaphoyisa akumele asebenzisi izikhali zomsebenzi ukulwa nezitha zawo, lezi zibhamu zisetshenziswa kuphela uma iphoyisa lihlaselwa." 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...