Iphoyisa libelethise owesifazane ku-N2

2017-11-10 12:24

Cape Town - Amaphoyisa omgwaqo ahlangabezane nokungajwayelekile namuhla emgqwaqeni.

La maphoyisa aphuthume emgwaqeni ku-N2 ngakuJakes Gerwel Drive, eKapa, lapho obekume khona imoto, ezitshela ukuthi ayokwenza umsebenzi wawo owejwayelekile.

Afike kule ndawo athola owesifazane ozithwele esemotweni esesikwa.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa libelethise owesifazane kuqhubeka umbhikisho

Kulesi sigameko kubonakale iphoyisa lomgwaqo u-Amanda Fojo, eselaphenduka iqhawekazi ngokubelethisa abesifazane.

UFojo ubebhalela umshayeli wetekisi ithikithi ngesikhathi sebhizi yasekuseni ngesikhathi emiswa ngomunye wabashayeli obecela usizo ngokuphuthumisa owesifazane okhulelwe esibhedlela.

UFojo osemnkantshubomvu ngokubelethisa, uthi ukwazile ukubona ukuthi lo wesifazane angeke asafika esibhedlela ngesikhathi.

"Ngesikhathi ngibuka lo wesifazane ngibonile ukuthi uyasikwa futhi uqale ukuba sezinhlungwini ngezithuba zabo-03:00. Ngikwazile ukubona ukuthi angabeletha noma yinini ngase nginquma ukumsiza."

- EWN


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...