Iphoyisa lakuleli 'libanjwe nezidakamizwa eBrazil'

2017-08-26 08:32

Johannesburg - Iphoyisa laseNingizimu Afrika likhalelwe ngamasongo kaSigonyela esikhumulweni sezindiza eBrazil kulandela ukubanjwa liphethe izidakamizwa.

Okhulumela uMnyango wezokuXhumana kwamaZwe, uNelson Kgwete, uthe leli phoyisa liboshwe liseSão Paulo–Guarulhos International Airport, eSão Paulo.

UKgwete uqhube ngokuthi inxusa laseNingizimu Afrika eSão Paulo lisebenzisana neziphathimandla zaseBrazil kulandela ukuboshwa kwaleli phoyisa ngamaphoyisa akuleliya lizwe ngokubambisana nawe-Interpol.

UKgwete akakwazanga ukuphawula ngokuthi leli phoyisa liboshwe nini, nokuthi wuhlobo luni lwezidakamizwa ebeliziphethe nokuthi belilibangise kuphi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ujele nephoyisa ngezonsolo zokushushumbisa iidakamizwa

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vishnu Naidoo nokhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi bathe imibuzo ekhona ayibhekiswe kulo Mnyango.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2015 kwaboshwa iphoyisa lesifazane lakuleli ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa esikhumulweni sezindiza saseHong Kong.

Ngokubika kweMercury ngaleso sikhathi, uSayitsheni Busisiwe Zungu oneminyaka engu-36 ubudala wayesebenzela esiteshini samaphoyisa esiseThekwini.

Kwabikwa ukuthi wayengaqali ukuya eChina uZungu njengoba wayenebhizinisi lokuthengisa ngezingubo zohlobo oluphambili abuye azozidayisa kuleli.

UZungu kubikwa ukuthi wayesesebenze emaphoyiseni iminyaka engu-11 kanti futhi wayengumqondisi wenkampani Impunga Holdings. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...