Iphoyisa ebelingekho emsebenzini libulale ababili kunengxabano

2017-12-07 08:01

eGoli - Kuyaphenywa ngesigameko esenezeke lapho iphoyisa lidubula abantu ababili kuxatshanwa.

Lokhu kwenzke emafulethini aseCity Deep eGoli ngoLwesithathu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Mavela Masondo uthi uphenyo mayelana nalesi sigameko luyaqhubeka.

"Kukholakala ukuthi leli phoyisa belixabana nala bantu ngesikhathi ebadubula bobabili. Laba baphuthunyiswe esibhedlela laph bafike bashonela khona,"kusho uMasondo.

OLUNYE UDABA:Uyazisola owazokhela ngomlilo ngoba indoda imjolela

Uqhubeke wathi kubizwe amaphoyisa kule ndawo nafike athola ukuthi leli phoyisa lizame ukudubula ozakwabo ase eyaziphindiselela walimala.

"Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela lapho lifike lashonela khona nalo.

Amaphoyisa asaphenya ngalezi zigameko.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...