Iphasisiwe eyokuthi umengameli Zuma enyuselwe umholo

2016-03-10 18:25

Cape Town – IPhalamende lisiphasisile isiphakamiso sokuthi uMengameli Jacob Zuma ahole u-R2.8 million ngonyaka, yize bekukhona abasiphikisayo.

IDemocratic Alliance (DA), Economic Freedom Fighters, Congress of the People (Cope) ne-African Christian Democratic Party bonke basiphikisile isiphakamiso se-African National Congress sokunyusela uZuma umholo ngo-4.4%.

Kube sekuvotwa, amavoti amaningi avumelana nokuthi umengameli anyuselwe iholo.

OLUNYE UDABA: ElikaZuma lidlula elabamazwe acebile

La maqembu aphikisayo athi uZuma akumfanele ukunyuselwa umholo ngenxa yomonakalo asewudalile emnothweni ngokushintsha ongqongqoshe bezezimali ngoDisemba, kanjalo nangendlela asingatha ngayo udaba lwaseNkandla.

OweCope, uDeidre Carter, utshele iPhalamende ukuthi akacabangi ukuthi umengameli kumele anyuselwe imali.

“Njengoba bulokhu buvela kancane kancane ubufakazi ngezenzo zakhe, sibona kukuhle ayocela ukukhushulelwa umholo abakwaGupta.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...