IPhalamende lizokhipha umbiko ngamalungiselelo e-SONA

2017-02-07 07:00

Cape Town - IPhalamende lizoba nomhlangano nabezindaba njengoba kulungiselelwa inkulumo kaMengameli wezwe ngoLwesine.

Lapha uMengameli uzobe ethula inkulumo yakhe mayelana nesimo sezwe ngokuphele.

Izakhamuzi zakuleli zilindele lukhulu kuMengameli ngenkulumo azoyethula ngoLwesine.

ULesiba Teffo oyingcweti yezomthetho e-UNISA uthe uMengemali kumela akhulume ngezinto eziphathekayo uma ethula inkulumo yakhe.

“Izinto ezibaluleke kakhulu okumele nakanjani asicacisele kabanzi ngazo ezempilo, ezeffundo kanye nokulwa nenkohlakalo.

"Okukunye esikubhekile wukuthi yini le azoyisho ezokwenza abantu bamethembe ngakhoke kumele azame ukuzifaka ezinyathelweni zabantu acabange njengabo,”kusho uTeffo.

OLUNYE UDABA:‘Iphephandaba liyihlanekezelile inkulumo kaMengameli Zuma’

OyiPhini likaSomlomo wePhalamende uLechesa Tsenoli ebambisenene nePhini likasiHlalo uRaseriti Tau yibona abazoxhumana nabezindaba ngoLwesibili.

UMengameli uJacob Zuma uzobe ethula inkulumo yakhe ezindlini ezimbili zePhalamende kanti le inkulumo yakhe yesine njengoMengameli wezwe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...