IPhalamende likhalisana nemindeni elahlekelwe yizingane engozini

2017-04-22 11:06

Johannesburg – IPhalamende lidlulise amazwi enduduzo emndenini yezingane zesikole ezingu-19 ezificwe ukufa ngesikhathi itekisi ebezihamba ngayo ishayisana neloli eBronkhorspruit, ngoLwesihlanu.

"IPhalamende likhalisana kakhulu nemindeni elahlekelwe, abangani kanye nothisha balezi zingane ezidlule emhlabeni ngenxa yale ngozi,” kusho okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo esitatimendeni.

UMothapo uchaze lesi sigameko njengesephula inhliziyo nokuzothatha isikhathi ukuba silibaleke kuleli.

Abosizo oluphuthumayo ngoLwesihlanu bathe izingane eziningi kule ngozi zishe zaba ngumlotha ngemuva kokuthi le tekisi ishayisane neloli yase igqamuka amalangabi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uSteve Mabona, uthe bangu-19 abafundi abashonile kule ngozi kanye nomshayeli.

OLUNYE UDABA: 'Ibilayishe ngokweqile' itekisi okushone kuyo izingane ezingu-19

Ezinye izingane eziyisikhombisa zisindile zase ziphuthunyiswa esibhedlela, ezintathu kuzo bekwembulwa kwembeswa.

Lezi zingane bezifunda eRefano Primary School naseMahlenga High School.

IPhalamende lithe le ngozi yenyusa isibalo sabantu abashone emigwaqeni yaseNingizimu Afrika ngamaholidi ePhasika.

Imibiko yokuqala yezibalo zabantu abashone ezingozini kuleli Phasika itshengise ukuthi izibalo zinyuke ngo-51% uma ziqhathaniswa nezangonyaka odlule ngesikhathi esifanayo.

IPhalamende libe selicela abantu ukuba baqaphele uma besebenzisa imigwaqo yakuleli.

Khonamanjalo uMengameli Jacob Zuma naye udlulise amazwi enduduzo kwabashiywe yizihlobo, wathi udumele kakhulu ngokuzwa ngale ngozi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...