Inyuvesi isivale ukuthandana kothisha nabafundi

2016-12-03 17:28

Johannesburg – Umkhandlu wase-University of the Witwatersrand ngoLwesihlanu uphasise umgomo ngobudlelwane bothando phakathi kwezisebenzi kanye nabafundi.

Inyuvesi ithe nakuba ngokuvamile kusuke kuvunyelwene…kuyenzena kwezinye izikhathi abafundi behluleke ukuthatha izinqumo ezifanele uma beshelwa othisha ngenxa yezithathu ezahlukene okubalwa kuzona nokwesaba ukuchitha umuntu onamandla angaba nomthelela ngemiphumela yezifundo.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umlimi

Inhloso yalo mgomo kuhloswe ngawo ukuvikela abafundi kothisha abafuna ukulala nabafundi ngokuthi kungabe kusavunyelwa ukuba kubenobudlelwane phakathi kothisha nabafundi abangama-undergraduate nalabo abenza ama-honours.

"IWits iyakuqonda ukuthi akubona bonke ubudlelwane obuphakathi kwabafundi obunezinkinga, yingakho nje lo mgomo ukuvumela ukuba abathandana ngokweqiniso baqhubeke nobudlelwane babo.” 

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...