Inyuvesi inxusa abafuna izikhala zokufunda ukuba bafake izicelo ngohlelo lwe-internet

2018-01-22 12:34

Johannesburg – I-University of South Africa (Unisa) isiphinde yanxusa abafuna isikhala sokufunda kule nyuvesi ukuba babhalise ngokohlolo lwe-internet kungakavalwa.

I-Unisa yelule isikhathi sokufaka izicelo zokufunda ngo-2018, kanti nosuku lokubhalisa nalo lwelulelwe uJanuwari 30.

OLUNYE UDABA: Intombazane,7, ishaywe yigagasi yaphonseka owandle

Lokhu kulandela ukuphazamiseka kwezinhlelo zokubhalisa ngenxa yesiteleka sabasebenzi abangamalungu eNehawu ngesonto eledlule.

Usolwazi Michael Temane uthi: “Kulandela isiteleka sabasebenzi esibekhona ngoLwesithathu, abaphathi base-Unisa bathathe isinqumo sokwelula isikhathi sokufaka izicelo zokufunda, osekuzogcina ngoJanuwari 23 kanjalo nosuku lokubhalisa oseluzogcina ngoJanuwari 30.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...