Inyuvesi ifakele umfundi u-R14m ngephutha

2017-08-30 11:02

Johannesburg - IWalter Sisulu University isikuqinisekisile ukuthi ifake ngephutha imali engu-R14 million kwi-akhawunti yomfundi – okuyimali ebiphuma kwi-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Lolu daba luvele ngemuva kokufakwa kwe-receipt yomfundi ezinkundleni zokuxhumana, yabe isisabalala kanjalo ngokushesha.

Inyuvesi ithi imali yafakelwa umfundi ngephutha ezinyangeni ezinhlanu ezedlelule kanti manje isiqalise uphenyo ukuthola ukuthi kungani engashongo lutho sonke lesi sikhathi.

Umfundi yena kodwa uthi walubika lolu daba.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo osolwa ngokubulala intombi yakhe

Kuthiwa kusabalale nezithombe eziveza indlela abaxhaphaze ngayo le mali benza amaphathi bethenga nezimpahla zikanokusho, okubalwa kuzona nomakhalekhukhwini.

Kukholakala ukuthi umfundi ubesesebenzise imali engango-R400,000.

Okhulumela inyuvesi uYonela Tukwayo uthi imali yafakwa ngephutha kwi-akhawunti yomfundi, ifakwa yinkampani esebenza ngezimali zakwaNsfas ezifakelwa abafundi.

Uthe basabheka imithetho yakwaNSFAS ukuthola ukuthi kumele imali enikezwa abafundi isetshenziswe kanjani, ukuze umfundi kuzophoqeleka ukuba uyayikhokha, ngisho ngabe kuthatha iminyaka engu-20 ukuba ayikhokhe.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...