'Intombi' kaRamaphosa ifake isicelo sokuvimba ukushicilelwa kwezithombe

2017-09-12 18:00

eGoli - Owesimame okusolakala ukuthi ungomunye wezintombi zePhini likaMengameli uCyril Ramaphosa ubabele enkantolo eyovimba iphephandaba ukuba lingazishicileli izithombe zakhe.

Le ntokazi igama layo elingakadalulwa, ifake isicelo eNkantolo eNkulu yaseGoli ukunqanda iphephandaba iSunday Independent ukuba lingazishicileli izithombe zayo.

Umhleli we-Sunday Independent uSteve Motale uthi imibuzo eyathunyelwa kuRamaphosa mayelana nezinsolo zomjolo wakhe ayiputshuzwanga nguye.

OLUNYE UDABA:Uzame wancama uRamaphosa ukunqanda udaba lwezintombi zakhe ezingu-8

UMotale usho lokhu ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseGoli lapho bekulalelwe khona isicelo salo wesimame oneminyaka engu-29 ubudala.

Yize leli phephandaba kuyilo elabhudluza leli thumba, alizange liwakhiphe amagama futhi alizange lizikhiphe izithombe kanye nama-video elithi linawo.

UMotale uthi wayazi ukuthi uma ethumela imibuzo kuRamaphosa nge-email yomsebenzi, izovulwa yilowo omkhulumelayo noma umsizi wakhe wasehhovisi.

"Babili abantu abebenale mibuzo, yimina nephini likamengameli. Angizange ngiyiputshuze ndawo le mibuzo. Njengomhleli wephephandaba ngeke ngikwazi ukuthi ngingacekela phansi udaba lwami ngale ndlela."

Lo mbiko waveza ukuthi uRamaphosa kunabesifazane abayisishiyagalombili ajola nabo.






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...