Intombazane,7, ishaywe yigagasi yaphoseka olwandle

2018-01-22 09:30

Durban – Kushone intombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala ngemuva kokuba ishaywe yigagasi ngesikhathi imile ebhulohweni eliseNorth Beach eThekwini ngeSonto ntambama, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela iRescue Care uGarrith Jamieson uthi abosizo lokuqala babizelwe endaweni yesigameko.

"Ama-lifeguard abeseyikhiphile olwandle. Ngeshwa imizamo yokuyisindisa ayiphumelelanga.”

OLUNYE UDABA: Kushone 8 wabantu engozini eyenzeke eKZN

UJamieson uthe amaphoyisa abesendaweni yesigameko enza uphenyo.

Amaphoyisa awatholakalanga ukuba aphawule. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...