Inqwaba yongqongqoshe abazosula uma uZuma exosha uGordhan

2017-03-30 16:10

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ubhekene nokuvukelwa yiqembu lakhe uma ngabe exosha uNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, njengoba kunongqongqoshe abalinganiselwa kwabangu-12 abahlela ukusula ezikhundleni zabo, bese belwela ukuthi uZuma aketulwe, ngokusho kwabantu abane abasondelele nalolu daba.

USekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, kanye nabanye oSekela Ngqogqoshe bangase basule, laba bantu basho kanjalo, bacela nokuthi bangalinge badalulwe ngenxa yokuthi lolu daba alukabi semphakathini.

Kodwa-ke lezi zikhulu zizogcina izihlalo zazo ePhalamende nalapho ezingase zeseke noma zingabambi qhaza uma ngabe sekuvotwa ngesiphakamiso sokungamethembi uMengameli uma ngabe siphakanyiswe amaqembu aphikisayo noma yiqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), basho kanjalo.

OLUNYE UDABA: ‘Umengameli Zuma ufuna ukufaka uDlamini-Zuma kwesikaGordhan’

UZuma utshele abaholi abayisithupha abaphezulu ku-ANC (abaziwa nge-top 6 uma sekuhlanganiswa naye uZuma) kanye nabaholi be-South African Communist Party (SACP), edlelana ne-ANC, ukuthi uhlela ukuxosha uGordhan ngoba uvimbezela imigomo yakhe.

Kuleli sonto uyalele uNgqongqoshe wezeziMali ukuthi anqamule imihlangano yakhe ewuchungechunge nabatshali bezimali eLondon kanye nase-US bese bebuyela ekhaya. Lokhu kuphinde kwaba nomthelela ekwehleni kwamandla erandi.

I-SACP izichithile izinhlelo zikaZuma zokuxosha uGordhan ngesikhathi uZuma azisa abaholi bayo ngazo, oyiSekela lesibili likaNobhala Jikelele we-SACP, uSolly Mapaila, utshele izintatheli ngoLwesine.

Ngaphezu kwalokho i-SACP iphinde yazichitha nezinsolo zokuthi uGordhan kanye neSekela lakhe, uMcebisi Jonas, bebehlela imihlangano eyimfihlo ngenhloso yokuqala umkhankaso wokudicilela phansi uZuma.

Kuthiwa lo mbiko ukhishwe uphiko lwezobunhloli kanti futhi yiwona kanye lo obe yimbangela yokuthi uZuma anqamule lolu hambo lukaGordhan eLondon maqede wamyalela ukuba abuyele kuleli.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...