INkosi yamaQadi ifuna umhlangano nomama kaSiwaphiwe nomyeni wakhe

2017-03-16 11:06

Durban - Ibabaza ihlazo elitheleke esizweni sayo iNkosi yamaQadi, uMqoqi kaMzonjani Ngcobo, ngenxa kanina wengane entshontshwe kudunwa imoto yakhe ngoLwesihlanu olwedlule ngaseView City (Game City) eThekwini, okuvela ukuthi ungowasemaQadini.

 Sekuwumlando ukuthi lo nina wengane onguSibongile Mbambo, 34, ugcine eboshwe noMnu Phumlani Mbokazi, 26, othi unguyise wale ngane - hhayi uMnu Funokwakhe Mbambo, 53, ngoba bebanjwe nayo eMariannhill Toll Plaza ngeSonto ekuseni nale ngane okusolwa ukuthi beyithathwe yibona beyoyishisela impepho "kubo" eGreytown, maphakathi neKwaZulu-Natal.

ILANGA libe nengxoxo ekhethekile neNkosi Ngcobo ngoLwesithathu ngemuva kokuphuma kwesinqumo seNkantolo yeMantshi yaseThekwini ikhipha uMbambo ofundisa eMakhapha High School noMnu Mbokazi ngebheyili.

INkosi Ngcobo isikhiphe umyalelo ophuthumayo enduneni, uMagebevu Ngcobo, ukuba itshele umndeni wakwaMbambo, uMnu Mbambo nomkakhe, ukuthi ifuna ukuwubona ngoLwesihlanu ukuze Kukhulunywe udaba lwawo, uchaze kabanzi konkosi ngalento esigcwele umhlaba wonke ihlambalaza isizwe samaQadi.

OLUNYE UDABA:Kugcwele phama enkantolo kolukaSiwaphiwe Mbambo

Inkosi iveze ukuphoxeka kwayo ngokusolwa ngakho uMbambo. "Bengilokhu ngizwa ngalolu daba emaphepheni nakomabonakude kodwa ngingazi ukuthi inkosikazi esolwa ngalokhu ihlala emaQadini," kusho iNkosi Ngcobo.

Iqhube yathi uma kusekhona abantu besifazane abakwazi ukwenza njengalo kaMbambo, amaphara ngeke aphele, kunalokho azoqhubeka nokwanda umhlaba wonke.

“Amaphara azalwa ngowesilisa nowesifazane abagcine bengazinakekeli izingane noma baziphike, zikhule ziyimidlwembe ebamba inkunzi noma ehlukumeza umphakathi," kusho iNkosi uNgcobo ebilokhu ibabaze njalo ihlazo lalo wesimame.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...