Inkantolo izwe ukuthi umfelokazi uyena owathenga amadoda abulala umyeni

2017-04-08 08:25

Johannesburg – Owesimame waseMpumalanga uvele kancane enkantolo yaseKabokweni ngecala lokuqasha amadoda amathathu abulala umyeni wakhe.

UVusi Mona, 48, wayenguthisha esikoleni samabanga aphansi iZwelisha.

Kuthiwa uMona wathunjwa esekhaya lakhe kaNyamazane ethunjwa amadoda amathathu ngesikhathi enisela ingadi yakhe.

“La madoda afika kulendlu ezophanga afuna imali kanye nezibhamu. Athatha isamba semali aphoqa umufi ukuba angene evenini lakhe lohlobo lwe-Ford Ranger ahamba naye aya ebhange eyomkhiphisa imali ngenkani,” kusho uBrigadier Leonard Hlathi okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Uselala obenyoni umasikandi ‘othengelwe izinkabi’

Ngemuva kwalesi sigameko, uMona akaphindanga wabuya ekhaya kanti isidumbu sakhe satholakala emotweni yakhe sinenxeba lokudutshulwa eboshwe izandla nezinyawo.

Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kukaSimangele Shpongwe, 46 ngomhlaka 31.

Amaphoyisa akholwa wukuthi uShongwe uyena owaqhamuka nesu lokubulawa komyeni wakhe.

Lo wesimame ubhekene necala lokubulala, ukwakha itulo lokubulala kanye nokuthumba.

Icala lakhe luhlehliselwe umhlaka-18 kwephezulu, kubika i-African News Agency.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-17°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...