Inkantolo izokhipha isinqumo ngelikaMadikizela-Mandela

2016-04-07 07:10

UMthatha – Inkantolo enkulu yaseMthatha isizokhipha isinqumo ngesicelo esifakwe uWinnie Madikizela-Mandela ngomuzi waseQunu, kubika iSABCnews.

Ngenyanga edlule, iqulu lamajaji lalilalele isicelo sakhe sokunikezwa amalungelo endlu yalo owayengumengameli wezwa eseQunu ngaphandle kwaseMthatha.

Abammeli bakaMadikizela-Mandela afake lesi sicelo ngokuhambisana nemithetho yesintu ethi uMadikizela-Mandela uyena mnini womuzi.

OLUNYE UDABA: Usebabele enkantolo uWinnie Madikizela-Mandela

Abammeli bakaMandela bayasiphikisa lesi sicelo ngokuthi umshado wephepha uwona ongaphezu komshado wesintu.

Kwincwadi yakhe yefa, uMandela wabhala ukuthi indlu eseQunu izohlala ngaphansi kwesikhwama somndeni iNelson Rolihlahla Mandela Family Trust ukuze isetshenziswe umndeni wakhe kanye nomfelokazi wakhe uGraça Machel nezingane zakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...