Inkantolo iyalele ukuba adedelwe owagwetshwa iminyaka ngelokubulala intombi

2017-12-06 19:34

Johannesburg - INkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesibili iyalele ukuba adedelwe owesilisa owagwetshwa iminyaka ebhadla ejele ngecala lokubulala intombi yakhe ngo-2006.

Inkantolo ihoxise isinqumo senkantolo eyamlahla ngecala uLesetja Klaas Phakane ngenxa yokungabikho kobufakazi obethulwa ufakazi obalulekile kuleli cala ngesikhathi umsolwa esephikisa isinqumo senkantolo.

INkantolo yoMthethosisekelo ithe ngemuva kokudedelwa kukaPhakane kuzomele iNational Prosecuting Authority ithathe isinqumo mayelana nokuthi kusamele yini athweswe icala lokubulala.

Walahlwa yicala lokubulala uMatilda Chuene Boshomane ngo-Agasti 2006. Usuku nokuthi wafa kanjani akuzange kutholakale ngenxa yokuthi isidumbu satholakala sesonakele esigangeni eKordon, eGaMatlala, eLimpopo.

UPhakane wagwetshwa iminyaka engu-20 ebhadla ejele yiNkantolo eyayihlezi ePolokwane ngo-2009.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesilisa e-PMB

Ngesikhathi uPhakane icala elidlulisela eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, kwatholakala ukuthi imiqulu yobufakazi obethulwa ufakazi obalulekile, uMartha Manamela, babungekho.

Nakuba kunjalo, inkantolo yasichitha isicelo sikaPhakane kodwa yamehlisela isigwebo sabayiminyaka engu-15.

UPhakane wababela eNkantolo yoMthethosisekelo, ekhala ngokungabikho noma ukungapheleli kwemiqulu yecala.

INkantolo yoMthethosisekelo ibe isiyalela ukuba adedelwe ngoba imiqulu kayiphelele futhi kunezinto ezingahlangani ngobufakazi ebusesitatimendeni nalobo obethulwa enkantolo ngufakazi, ngakho kumele adedelwe umsolwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...