Inkantolo iyalele isikhulu se-ANC ukuba singaxhumana nentombazane,14

2017-11-28 18:14

Johannesburg -  INkantolo kaMantshi eVanderbijlpark isikhiphele isikhulu se-ANC incwadi yesivimbezelo sokuba sixhumane nesisulu.

Lesi sikhulu se-ANC kasivumelekile ukuba sixhumane nentombazane eneminyaka engu-14 ubudala, okusolwa ukuthi ubelala nayo nakuba incane kakhulu ngokweminyaka.

Lesi sikhulu ebesiyiMeya yaseMfuleni kuthiwa safaka isithombe sentombazane, 14, ingagqokile ngokuphelele kwi-group kaWhatsApp enamalungu aphezulu e-ANC.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane kutholakala usana emgodini wethoyilethi

Kusolwa ukuthi sasithandana nale ngane encane ngokweminyaka.

Ngokuhamba kwesikhathi isikhulu lesi sesula esikhundleni sokuba yiMeya, nokuyisinqumo esamukelwa yi-ANC eGauteng.

Kuthiwa kwi-group kaWhatsApp okwafakwa kuyona isithombe sentombazane kukhona noNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uNomvula Mokonyane kanye nomholi woPhiko lweNtsha uCollen Maine.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...