Inkantolo ivune isitabane kwelokuhlukaniswa kwefa lesoka laso

2016-12-01 11:30

Johannesburg - Izithandanani zobulili obubodwa esezithandane iminyaka zingakwazi ukuthola ifa likaphathina uma eshone bethandana.

Lokhu kulandela icala ebelidingidwa eNkantolo yoMthethosisekelo lapho owayethandana nomuntu wobilili obufana nobakhe isikhathi eside wabhekana nenkinga ngesikhathi kushona uphathina kwakhe.

OLUNYE UDABA:'Umfundisi wodumo uguqule umfana wamenza isitabane'

Kuleli cala uRasmus Laubscher ongumfowabo kamufi unqabele isoka likamfowabo ukuba lithole ingxenye yefa lakhe ngoba yayingekho incwadi yefa futhi bungekho ubufakazi bokuthi ufanelekile ukuzuza okuthile emnothweni kamfowabo.

Inkantolo inqume ukuthi uCornelius Laubscher (ongasekho emhlabeni)‚ obethandana no-Eric Duplan‚ futhi behlala ndawonye ngakho-ke unalo lonke ilungelo lokuthola ingxenye yefa lakhe.

Ngesikhathi eshona uLaubscher kanye nesithandwa sakhe bebengakalibophi elikasofasilahlane, kubika iSowetan.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...